Maningi Amathuba Omsebenzi Kwezokuvakasha

Written by on 24 May, 2023

By: Dawud Phungula

Abaphathi bezeMvelo KZN Wildlife bathi maningi amathuba omsebenzi  akhona emkhakheni wezokungcebeleka.

Basho kanje engxoxweni ekhethekile kwi-Indaba no-Alex Mthiyane ngemuva kweTravel Indaba okuyinkundla evelele ekhombisa amandla acebile e-Africa kwezokuvakasha, eheha izivakashi kanye nochwepheshe bemboni abavela emhlabeni wonke ebibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre ngomhlaka 9 kuya ku-11 May 2023.

Umcimbi wakulonyaka unikeze ithuba lokubheka isimo sokongiwa kwemvelo esifundazweni saKwaZulu-Natal.

Kulengxoxo  uAlex uxoxe nomphathi oyibamba e-Ezemvelo KZN Wildlife, uMr Sihle Mkhize, umphathi oyibamba eTourism KZN, uNhlanhla Khumalo, umphathi we-KZN Sharksboard, uHarry Mbambo kanye nomphathi Wezohwebo Nokutshalwa Kwezimali, Amasu kanye Nemisebenzi uThulisile Galelekile.

Ukubukela lengxoxo ungaciphaza le-Link engezansi.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background