Maya for Chief Justice?
Written by Mfundo on 5 February, 2022
By: Zilungile Mkhize
Ikhomishana ebhekelele ezobulungiswa kuleli iJSC, seyiphakamise igama lika Mengameli wenkantolo yokudluliswa kwamacala uMandisa Maya, ekutheni kube nguye ongena esikhundleni esiphezulu eNkantolo yomthethosisekelo nokuyisikhundla sika-Chief Justice.
U-Maya ngeke nje abe ngu Chief Justice wokuqala wesifazane uma eqokwa nguMengameli, kodwa uzokwazi ukusebenza isikhathi esigcwele njengeJaji Lenkantolo Yomthethosisekelo.
I-Judicial Service Commission yaphothula inhlolokhono yamajaji okubalwa kuwo umengameli wamajaji eGauteng uDuston Mlambo, yijaji enkantolo yomthetho sisekelo uMbuyiseli Madlanga, kanye noyisekela lenhloko yamajaji uRaymond Zondo ngolwesihlanu.
Isimemezelo se-JSC ngo Maya size ngemuva kwezingxoxo zalekhomishana ezidonse usuku lonke lwangoMgqibelo.
Ememezela isinqumo sokhomishana be JSC, uDali Mpofu naye obeyingxenye yalabo abebeqhuba lenhlolokhono ubeka kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.