Mbalula Calls For Strict Regulation Adherence in Taxis

Written by on 11 November, 2020

 

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezokuthutha kuzwelonke uFikile Mbalula uthi abanikazi bamatekisi kumele baqinisekise ukuthi yonke imithetho yenational lockdown iyalandelwa.

uMbalula ubephendula imibuzo yamalunga ephalamende ngezinhlelo zomnyango wakhe zokuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli kuCovid 19.

INingizimu Africa isaku level 1 wemibandela yelockdown ephoqa ukuthi wonke umgibeli kanye nomshayeli bahlezi begqoke izifonyo.

uMbalula uthi namaphoyisa kumele aqinisekise ukuthi abashayeli kanye nabagibeli bayaziqhoka ngasosonke isikhathi izifonyo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background