Mbalula: Zizophela izinkinga ezibhekene nenkampani yezitimela kahulumeni iPrasa

Written by on 4 November, 2019

Ungqongqoshe wezokuthutha, uFikile Mbalula, uthi uzimisele ukuqinisekisa ukuthi izinkinga ezibhekene nenkampani yezitimela kahulumeni iPrasa ziyaphela.

uMbalula ubethulela abezindaba umbiko wekomidi lesikhashana iWar room ebelihlonzwe ukuba libheke ukusebenza kwezitimela kuleli.

Ziningi izikhalo ngalenkampani kahulumeni ngokungasigcini isikhathi nokwafakazelwa wukubambezeleka kukamengameli, uCyril Ramaphosa, ekuqaleni kwalonyaka elibangise ePitoli.

uMbalula uthi ukungafiki ngesikhathi kwalezitimela kubuyisela emuva umnotho wezwe.

Listen here:

Khonamanjalo uMbalula uthi abantu bakuleli bazozibonela bona ushintsho kwiPRASA.

Listen here:

By: Lindelani Mbatha & Sanelisiwe Dlangamandla


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background