MIKE MAKAAB AKABONI LUTHO OLUNGAVIMBA U-CASSIUS MAILULA UKUTHI AYODLALA PHESHEYA.

Written by on 20 March, 2023

BY: Simtho Dladla

Umpathi wakwaProsport International, uMike Makaab uyakholelwa ukuthi umgadli we-Mamelodi Sundowns uCassius Mailula ukulungele ukudlala emazweni aphesheya kwezilwandle.

Makaab usho kanje kulandela inkulumo yomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli i-Bafana Bafana uHugo Broos othe uMailula akalungele ukodlala phesheya okwamanje. Lomdlali weSundowns usethubeni elikhulu lokudlala okokuqala kuleliqembu leBafana uma selidlala neLiberia emdlalweni wokuhlulela I-Africa Cup of Nations.

UMailula useable emdlalweni engu-22 yamaSandawane kanti useshaye amagoli angu -14 walekelela ekusayweni kwamanye amane kusuleka kuqale imidlalo yeDSTV Premiership kulesizini.

Makaab uthi uma kuvela ithuba lokuthi ayodlala phesheya kwezilwandle uMailula elizothuthukisa ibhola lakhe, liphinde lihambisana nokudingwa iSundowns, kuzomele alisebenzise lelothuba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background