Mkhize Urges More Precautions Against COVID-19
Written by Mfundo on 17 November, 2020
By: Zilungile Mkhize
UNgqongqoshe wezempilo kuzwelonke uZweli Mkhize, usephonse inselelo izakhamuzi ukuba zingakuvumeli ukukhathala ukuzivikela egciwaneni iCovid-19 neselibhubhise izinkulungwani ezweni.
uMkhize usho kanjena nje izabalo zabasulelekayo nabashona ngenxa yaleligciwane zisaqhubeka nokubikwa ezifundazweni zonke.
Uthi izindaba zokutholakala komgomo okhombisa ukuba yimpumelela yinto enhle kakhulu futhi enika ithemba, hhayi iNingizimu Africa kuphela, kodwa umhlaba wonke jikelele.
uMkhize uthi yize kunjalo ukusebenza komgomo, ngeke kube yinto esingaqala manje ngakho abantu mabaqhubeke nokuzivikela kwi Coronavirus.