MKMVA Weighs in on Ramaphosa’s RET Remarks

Written by on 9 April, 2021

By: Lindelani Mbatha

Omakadebona bomkhonto wesizwe, iMKMVA, bathi bakhathazekile ukuthi iANC isishaya indiva umgomo wayo weRadical Economic Transformation (RET).

Ngesonto eledlule uMengameli weANC uCyril Ramaphosa umemezela ukuthi alikho ilunga lalenhlangano okumele lizihlanganise nezinhlangano ezaziwa ngama-RET Forces.

Lezinhlangano yizona ezeseka kakhulu lowo owake waba ngumengameli wezwe, uJacob Zuma, kanjalo nonobhala jikelele weANC uAce Magashule.

Oyisikhulumi seMKMVA uCarl Nehause uthi abantu kumele bakuqonde ukuthi lepolicy ngeye-ANC futhi akumele ijike.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background