Motshekga: ukuphazamiseka kokufunda kuyasiphoqa ukuthi sihlahle izinhlelo ezintsha

Written by on 20 May, 2020

Ungqongqoshe wezemfundo, uAngie Motshekga, uthi kungekudala umnyango wakhe uzokhipha ikhalenda elisha lezokufunda njengoba lizothinta nonyaka ozayo u2021.

Izolo umemezele ukuthi ukufunda kuzoqala ngomhlaka 1 June, uma uGrade 7 no 12 sebebuyela emakilasini.

uMotshekga uthi ukuphazamiseka kokufunda ngenxa yeLockdown kuyabaphoqa ukuthi bahlahle izinhlelo ezintsha ezizolawula ukusebenza kothisha izikhathi zokufunda kanye nokuthi amaholidi azoba nini.

Uthi lelikhalenda elisha lizokapakela nakunya ka 2021 egcizelela nokuthi abazali abakungabazayo ukubuyisela abantwana ezikoleni kuzomele imizamo yokubafundisa emakhaya.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

Khonamanjalo uMotshekga uthi abazali abangakwazi ukukhokhela ukufundisa izingane zabo emakhaya bangaqhubeka nololuhlelo.

ekhuluma ngokuvulwa kwezikole ngenyanga ezayo uMotshekga uthi abazali abasabayo ukubuyisela izingane zabo esikoleni nakuba ezokuvikela nokuphepha ziqinisekisiwe bangaqhubeka nokufundisa abantwana babo emakhaya.

abazali sebeveze imibono engafani bekhuluma nezindaba zeGagasi mayelana nokuvulwa kwezikole kanti uMotshekga uthi uma abafundi beqhubeka nokuhlala emakhaya mkhulu umonakalo ozoba khona emnyangweni wezemfundo.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Zilungile Mkhize & Sanelisiwe Dlangamandla


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background