Motsoaledi: Abantu sebengaya kobhalisela omazisi babo

Written by on 28 August, 2020

Ungqongqoshe wezasekhaya, u-Arron Motsoaledi, uthi abantu abafuna ukufaka izicelo zama ID okokuqala ngqa, sebengakwazi ukuza emahovisi alomnyango bazobhalisa.

UMotsoaledi usho kanje ngenkathi ethulela isithangami sabezindaba ngezinhlelo zomnyango wakhe njengoba izwe selehlele ku level 2 welockdown.

Ukushaywa kwama ID bekuvaliwe kusukela ngeskhathi umengameli amemezela ngaso ukuvalwa kwezwe ngenxa ye coronavirus ngo March.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

UMotsoaledi uqhuba ngokuthi ziningi izinto eziphazamisekile ngokuncishiswa kwabasebenzi emahhovisini ezasekhaya ngesikhathi kuvalwe izwe.

Uthi bekuzoba nzima ukuthi izinto ziqhubeke njengenjwayelo kulamahhovisi kube kuhlasele ubhubhane lweCovid-19.

UMotsoaledi uthi izinto eziningi sezizobuyela esmweni.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Bright Ntuli & Sanelisiwe Dlangamandla


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background