Mthembu: Sizosidlulisa isinqumo senkantolo ngemthetho yeLockdown

Written by on 5 June, 2020

Ungqongqoshe ehhovisini likamengameli, uJackson Mthembu, uthi izakhamuzi aziqhubeke zilandele umthetho weLockdown njengoba uhulumeni ezosidlulisa isinqumo senkantolo iNorth Gauteng High Court sokuthi ueminye yemithetho kalevel 3 no 4 we lockdown ayikho emthethweni.

uMthembu ubethulela abezindaba umbiko emva komhlangano wekhambinethi ePitoli.

Umthetho weLockdown level 3 kanye no-4 awukuvumeli ukuba abantu abangaphezu kuka-50 bahlangane, futhi nogwayi awuvumelekile ukuba udayiswe.

Izimpahla zasehlobo izifana nopaqa nazo azivumelekile ukuba zidayiswe, lenkantolo ke ithi yonke lemithetho ayiwenzi umqondo ophusile futhi ayihambisani nomthethosisekelo wezwe.

uMthembu uthi izinqumo zabo zihlose ukuvikela imiphakathi ukuba ingatheleleki kalula ngeCovid-19.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background