Mukhulu Umonakalo Odalwe Izikhukhula – COGTA

Written by on 13 April, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana KwaZulu-Natal uSipho Hlomuka uthi basebenzisana namakhansela kumawadi ahlukene ukuthola ukuthi umonakalo owenziwe izikhukhula mungakanani.

U-Hlomuka ehambisana nondunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala bahambele izindawo ezehlukene ukuyobheka umonakalo odalwe yimvula ebinamandla nedale izikhukhula ezindaweni eziningi.

Lezimvula zidilize imizi, amabhuloho, konakala imigwagwaqo, kwalimala inqwaba kanti kusaqinisekiswe abantu abangu 59 abashonile.

Lesibalo kulindeleke ukuthi senyuke njengoba ukutakula kusaqhubeka.

Esifundeni iTheku, sekuphazamiseke nokukhanya kwagesi kanti ukuqhuma kwamapayipi amakhulukazi athumela amanzi lapho ehlanzwa khona Umngeni Water, sekuphazamise ukutholakala kwawo kompompi ezindaweni eziningi ezingaphansi komkhandlu weTheku.

Ungqongqoshe uHlomuka uthi lomonakalo mukhulu kakhulu kanti basalindele ukuthi isibalo sabalimele nabashonile senyuke.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Namhlanje, uMengameli uCyril Ramaphosa naye kulindeleke ukuthi ahambele lesifundazwe ukuzohlola isimo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background