Namazwe ase-Afrika Asevalele uMzansi Ngaphandle Esaba iCOVID-19

Written by on 1 December, 2021

By: Sthulile Mdletshe

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi kuyadumaza futhi kuyamangaza ukubona amanye amazwe ase-Afrika nawo evalela ngaphandle i-Ningizimu Afrika, njengoba kubheduke iOmicron.

I-Rwanda, i-Mauritius, i-Seychelles kanye Egypt, ngamazwe asenqume ukuvala imingcele yawo ethi akafune sivakashi esiqhamuka eNingizimu Africa esizowahambela.

Phambili bekungamazwe aseNtshonalanga kuphela abesafaka lelizwe ohlwini lwalawo ahlonzwe njengazoletha leligciwane emagcekeni awo, kubalwa i-US neUnited Kingdom.

Lamazwe enza lokhu iNingizimu Afrika isaxoxisana nentshonalanga ngesenzo sayo, ekubhekwe ukuthi sibe nomthelela omubi kwezokuvakasha nomnotho.

URamaphosa uthi lesenzo samazwe ase Afrika siyadumaza futhi sikhombisa nokungabambisani.

Ukubheduka kwe Omicron sekufake itwetwe emazweni amaningi asaba ukubhebhetheka kwayo njengoba ingakaqondisiswa kahle ukuthi inamandla angakanani emzimbeni womuntu.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background