National State of Disaster Extended

Written by on 12 November, 2020

By: Pamella Majola

uMengameli uCyril Ramaphosa usememezele ukuthi ikhabhinethi seyengeze iskhathi esihlonzwa njengesenhlekelele kuleli ngenxa ye Covid-19 iNational State of Disaster kuze kube ngumhlaka 15 December.

URamaphosa usho kanje ngenkathi ethulela isizwe ngenqubekela phambili emizamweni kahulumeni yokulwa nalolubhubhane.

Uqhuba ngokuthi leligciwane alikapheli ekugcizelela nokuthi abantu kumele baqaphele, baqikelele nokuthi bayaqhubeka nokulandela imigomo yokuzivikela.

UMengameli uthi ukhathazekile ngokubhebhetheka kabusha kwaleligciwane esfundazweni sase Eastern Cape.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/mBLL2V29rW8JNP&podcast_id=6a2a8270-8d82-474b-b2d9-e782a3d662e1″ width=”100%” height=”200″]

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background