Ndlozi: Ababulali bakaTshegofatso kumele babhadle ejele impilo yabo yonke

Written by on 12 June, 2020

Ilungu le EFF ephalamende, uMbuyiseni Ndlozi, selichaze ukushona kuka, Tshegofatso Pule, owagwazwa amanxeba amaningi emzimbeni njengento ebuhlungu ekumele engabe ayizange nje yenzeka.

uPule obeneminyaka engu 28 ubudala watholakala ngoMsombuluko elenga esihlahleni enamanxeba okugwazwa esifubeni kanti ubenezinyaka ezingu 8 ezithwele.

Wanyamalala ngesonto eledlule eyovakashela isoka lakhe wangaphinde wabuya.

Ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wakhe uNdlonzi uthi isihluku esikhonjiswa abantu besimame sinzima kakhulu, egcizelela ngokuthi abenza lokhu kumele amacala abo angaqulwa nokuqulwa bavalelwe ejele impilo yabo yonke.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background