Abavoti sebexwayiswe ngokumele bakuqaphele uma bevota

Written by on 8 May, 2019

By: Lethiwe Mdluli and Lindelani Mbatha

Oyiskhulu esiphezulu kwa IEC, uSy Mamabolo, uthi abantu kumele baqinisekise ukuthi iEnvelope abazofaka kuyo iphepha lokuvota inesitembu.

iIEC kuyimanje ibambe isithangami sabezindaba eGoli, lapho uMamabolo esechaze khona ukubaluleka kokuthola isitembu.

Phambilini kubekhona imibiko ekuthi khona amaEnvelope angenazo izitembu.

Uthi abantu kumele baqikelele ukuthi isitembu sikhona ngemuva kokungena kwibhokisi lokuvota ukuze ivoti labo libe semthethweni.

Kanti ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalal usexwayise abavoti ukuthi bangase bazithole sebesotakwini uma bethatha izithombe bevota.

UZikalala uthi akuvumelekile ukuthi umuntu athathe i selfie ekwi ballot booth, noma ashuthe isthombe sephepha lokuvota.


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background