Abezombusazwe bayashabasheka bafuna amavoti

Written by on 15 April, 2019

By: Zilungile Mkhize

Njengoba sekusele izinsuku ezingu 22 kuphela kuyiwe okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe, sekucace bha ukuthi alikho iqembu elizithele ngabandayo.

I-ANC ibithe chithisaka eWestern Cape, eGauteng nase Eastern Cape, lapho abaholi bayo bebekhankasa khona.

Umengameli weANC uCyril Ramaphosa uthi udaba lwezindlu lubaluleke kakhulu kubo.

Kanti umholi weNkatha Freedom Party, uMtwana uMangosuthu Buthelezi, uthathe umkhankaso wakhe wawuyisa esifundazweni saseLimpopo, ethi ufuna i-IFP isabalale njengeqembu khona izokwazi ukubhekana nezinkinga ezivimbela lelizwe ukuthi lithuthuke.

 


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background