AMCU ithi sizoqhubeka isiteleka

Written by on 19 February, 2019

By: Zilungile Mkhize

Umengameli wenyunyana iAMCU, uJoseph Mathunjwa, uthi kuzoma nse ukusebenza ezimayini zakuleli ngesonto elizayo.

Lenyunyana yabavukuzi, okuyiyo enamalungu amaningi ezimayini zakuleli ithi lokhukhulela ngoqo wesiteleka ngowokulwisana nesikhulu senkampani iSibanye-Stillwater uNeal Froneman, osole iAmcu ngoku-mlahlekisela ngenzuzo.

Lenyunyana ithi lesikhulu sicindezela abasenzi, aphinde ashaye indiva amalungelo abo okuteleka, kanye nokuzama ukweba umnotho walelizwe.

uMathunjwa uthi ngeke bavumele izikhulu ezifana noFroneman zicanase phezu kwabasebenzi ngoba bedingile.

 

Listen below:

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background