i-IEC isithole izikhalazo ezingu53 ngabantu abakhethelwe ukuba baye ephalamende

Written by on 4 April, 2019

By: Lethiwe Mdluli

Ikhomishana eyengamele ukhetho, iIEC, ithi isithole izikhalazo eziningi mayelana namagama amalunga amaqembu ezepolitiki asohlwini lwamagama alabo abazoba ngamalungu ephalamende.

Oyisikhulu esiphezulu kwa IEC, uSy Mamabolo, uthi amaqembu athintekayo asazonikwa ithuba lokuthi aziphendulele ngalezikhalo.

uMamabolo uthi bona basasalelwe izinsuku ezine ukuba bathathe isinqumo ngalezikhalazo ezingu53.

“Siyi IEC sithole izikhalazo ezithinta amaqembu angu9, kanti amalunga wona angu53. Imigomo yethu ithi kumele sinike ithuba lamaqembu anamalunga okukhalwa ngawo isikhathi sozuziphendulela. Lekhomishana angeke ikhulume ngokunye mayelana nalezikhalo ezibekiwe,” kusho uMamabolo.


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background