i-IFP women’s brigade ithi amajoyinti kumele abe nesikhathi sokuvalwa

Written by on 10 October, 2019

By: Mthokozisi Manqele

Uphiko lwabesfazane lwe IFP eJozini enyakatho yesfundazwe, seluphonsele umnyango wezokuphepha inselelo ukuthi uthathe isinqumo sokuthi kuvalwe zonke izindawo ezisemphakathini ezidayisa utshwala kuze kuse.

Loluphiko luthi lezindawo zigcina seziyizidleke zabadlwenguli.

uSihlalo weWomen’s brigade, uNobuhle Jobe, usho kanje njengoba kade benemashi yokukhuza isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane eJozini.

UJobe uthi leyandawo ingezinye zezindawo zakulesfundazwe ezinezigameko ezishaqishaqisayo zokudlwengulwa kwebesifazane njengoba ethi abanye badlwengulwa ngisho naphambi kwezingane zabo emakhaya abo.

Listen here:


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background