Ikhomishana kaMakgoro ikhathazekile ngongqimphotho kaAgrizzi

Written by on 15 February, 2019

By: Lindelani Mbatha

Ikhomishana kaMokgoro ephenya ngokuziphatha kwezikhulu esiphezulu kuNPA, uNomgcobo Jiba, noLawrence Mrwebi, ithi ikhathazekile ngokungafiki kobezothula ubufakazi uAngelo Agrizzi.

uAgrizzi, nobeyisikhulu esiphezulu eBosasa, bekufanele ezokwethula ubufakazi namhlanje kodwa wabuye washintsha umqondo ngalokho.

uAgrizzi bekulindeleke ukuthi asho okufanayo nalokhu akusho ngesikhathi ethula ubufakazi kukhomishana kaZondo ephenya iState Capture.

Ngenyanga eyedlule uAgrizzi watshela ikhomishana kaZondo ukuthi uJiba kanye noMrwebi bebethola izindodla zemali eyintshontsho ezivela eBosasa ukuze bezovikela lenkampani.

Wathi iBosasa ibisebenzisa imali engaphezu kuka-6 million wamarandi ukugwazela izikhulu ezahlukene okufaka phakathi nezikahulumeni.

Encwadini elethwe ngabameli bakhe, uAgrizzi uthi ubone ukuthi angezi ukuzothula ubufakazi ngenxa yamacala abhekene nawo enkohlakalo asaba ukuthi azombophisa.

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background