Iyakhala iMK’ ngokuqhubeka kwecala likaZuma

Written by on 11 October, 2019

By: Lindelani Mbatha

Umbutho womakadebona bomkhonto wesizwe iMKMVA, uthi uphoxekile yisinqumo senkantolo ephakeme yasePietermaritzburg sokuchitha isicelo sikalowo owayengumengameli, uJacob Zuma.

uZuma ubefake isicelo sokuthi icala asebhekene nalo iminyaka engaphezu kwengu-15 lichithwe, kodwa lokho akwenzekanga okusho ukuthi icala lizoqhubeka.

Usolwa ngenkohlakalo eyenzeka ngesikhathi iNingizimu Africa ithenga izikhali eFrance.

Oyisikhulumi se MKMVA, uCarl Niehaus, uthi indlela uZuma aphathwa ngayo kuleli ikhombisa imizamo yokudicilela phansi igama lakhe.

Listen here:


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background