Sekushone umlisa echwebeni laseThekwini

Written by on 12 February, 2019

By: Lethiwe Mdluli

 

Umlisa olinganiselwa eminyakeni ewu 40 ubudala useshonile echwebeni laseThekwini.

Abezimo eziphuthumayo bathi lomlisa wehlulekile ukulawula iloli abehamba ngalo, laphaphalaza maqede layophonseka emanzini ephakathi.

Akukakocaci namanje ukuthi yini eholele kulengozi, kodwa amaphoyisa aseluqalile uphenyo, njengoba etheleke kulelichweba ukuyoqoqa ubufakazi.

Abezimo eziphuthumayo kwa KZN EMS, bathi benze konke okusemandleni emizamweni yabo yokusiza lomshayeli, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya waphelela ezandleni.

Okhulumela iEMS, uRobert McKenzie, uthi konke sekusezandleni zamaphoyisa.

“Sifike echwebeni lapho sithole umlisa olinganiselwa eminyakeni engu40 eseshonile. Kusolakala ukuthi lomlisa ubeshayela iloli eliphaphalazile lase langena emanzini. Okwamanje akukaziwa ukuthi lokhu kudalwe yini kodwa amaphoyisa asevule uphenyo.” kusho uMcKenzie

 

 
Content hosted by iono.fm

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background