Sekutholwe usana epayipini lamanzi emvula eNewlands East

Written by on 11 February, 2019

By: Zilungile Mkhize

Abezimo eziphuthumayo sebesebenze cishe amahora amabili bezama ukutakula usana olutholakale epayipini lamanzi emgwaqeni uBarracuda, eNewlands East eThekwini.

Lengane yentombazane esanda kuzalwa akwaziwa ukuthi ifike kanjani kulelipayipi nokuthi uphi unina wayo.

Abakwa KZN EMS nabezicimamlilo sebesebenze ngokuzikhandla, njengoba beyifice lengane isaphila, iqhaqhazela ngenxa yamakhaza.

Okhulumela uEMS, uRobert Mckenzie, uthi indiza yabo yiyo ehambise lengane esibhedlela.

“Ingane ihanjiswe ngendiza esibhedlela kanti okwamanje isimo sayo siyagculisa. Lengane yentombazane ibisihambe namanzi kulelipayipi amamitha ayisihlanu noma ayisithupha,” kusho uMckenzie.

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background