Sekuvulwe isibhedlela sezifo zenhliziyo enyakatho nesifundazwe

Written by on 9 October, 2019

By: Bright Ntuli

Sekuzophenduka umlando ukuthi umphakathi wasezindaweni ezisenyakatho yesfundazwe uhambe amabanga amade ukuthola usizo lwezempilo ikakhulukazi labo abanezifo eziphathelene nenhliziyo.

Undunankulu wesfundazwe, uSihle Zikalala, usevule ngokusemthethweni isbhedlela esisha ceke sikanokusho esidle imali elinganiselwa ku R400 million wamarandi.

uZikalala uthi phambilini abantu abahlala ezifundeni ekubalwa kuzo iKing Cetshwayo, iZululand kanye naseMkhanyakude bekudingeka ukuthi baze baye eThekwini uma befuna izibhedlela zenhliziyo.

Uqhuba ngokuthi lesibhedlela siyingxenye yemizamo kahulumeni ukuhlangabezana nohlelo lwezempilo iNational Health Insurance.

Listen here:

Khonamanjalo, uZikalala, usekhuthaze amalungu omphakathi ukuthi azinakekele ngokuthi adle kahle aphinde azivocavoce ukuqikelela ukuthi awasondelani nezifo.

Listen here:


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background