uMalusi usexwayise abafundi ukuba bangakopeli ngesikhathi sezivivinyo

Written by on 11 October, 2019

By: Lindelani Mbatha

 

Umkhandlu obhekele izinga lezivivinyo zezikole kanye nezikhungo zemfundo ephakeme kuleli, uMalusi usexwayise abafundi ukuba bangalinge bezame ukukopela ngesikhathi sokubhalala izivivinyo.

Lomkhandlu ubuthulela abezindaba umbiko mayelana nezinhlelo zawo ukuqinisekisa ukuthi ukubhala kuhamba ngendlela.

Bangaphezu kuka-700 000 thousand abafundi bakaMatric okulindeleke ukuba babhale izivibinyo zabo.

Oyisikhulu esiphezulu kulomkhandlu uMafu Rakometsi uthi othisha nabafundi kumele bazi ukuthi lezizenzo baziqaphe ngelokhozi.

Listen here:

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background