Umalusi uthi sezimi ngomumo izinhlelo zokulungiselela izivivinyo

Written by on 10 October, 2019

By: Bright Ntuli

Umkhandlu obhekele izinga lezivivinyo zezikole kanye nezikhungo zemfundo ephakeme kuleli, uMalusi, uthi zonke izinhlelo zawo zokulungiselela izivivinyo zokuphela konyaka sezimi ngomumo.

Lomkhandlu usho ngenkathi wethulela abezindaba umbiko mayelana nokuthi usuzilungele kangakanani izivivinyo zokuphela kwalonyaka.

Ongushlalo walomkhandlu uBongiwe Mbinqo-Gigaba uthi abalindele zihibe njengoba ethi ngisho nalabo abazobe beqaphe ukubhala sebeqeqeshwe ngokwanele ukubhekana nalomsebenzi.

Listen here:


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background