Umaspala waseMshwathi usugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kweMeya

Written by on 18 February, 2019

By: Bongani Gina

Umndeni wemeya yomaspala waseMshwathi, uMaphindi Zondi, usuziqinisekisile izindaba zokudlula emhlabeni kwalemeya.

Izindaba zokudlula emhlabeni kukaZondi oke waba yilunga lesigungu seANC kulesfundazwe iPEC, noke waba yisekela likanobhala eMoses Mabhida Region zimangaze abaningi.

Okhulumela umndeni, uMandla Zondi, uthi imeya uMaphindi idlule emhlabeni kungalindele muntu ebusuku bayizolo edlulela esibhedlela iHilton Hospital eMaritzburg.

“Ubengene esibhedlela ekhala ngamakhaza ngolwesihlanu, engathi bekungumkhuhlane.  Udokotela wabe esethatha isinqumo sokumlalisa esibhedlela ukuze bamugade. Abagcine ukumbona izolo nje ngabo 5PM bathi ubesesimeni esihle kanti izinkinga ziqale izolo ebusuku ngabo 9PM ngoba ilapho isibhedlela sisifonele khona besitshela ukuthi masisondele eduze. Umndeni ufike sekubhedile ngabo 10PM, esesishiyile,” kusho uZondi.

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background