uMentor usola ikhomishana kaZondo ngokumenzela phansi

Written by on 12 February, 2019

By: Linda Mbatha

Owayeyilunga leANC ephalamende uVytjie Mentor uthi ukhathazekile ngokungavikelwa kemininingwane yakhe eyimfihlo.

uMentor ukhulume kanje njengoba eqhubeka nokwethula ubufakazi phambi kwekhomishana ephenya iState Capture eGoli.

Uthi lekhomishana kumele ivikele imininingwano yabobonke abantu abethula ubufakazi kuyo, hhayi abantu abathile kuphela.

“Indaba yokukhuluma kwami kumakhala ekhukhwini indaba yangasese engafaki lekhomishana. angazi ukuthi kungani lekhomishana ithole amarekhodi ocingo lami. Kumele abantu bavikeleke uma beza kulekhomishana kungabi khona abavikelwayo kodwa abanye bangavikelwa,” kusho uMentor.

Khonamanjalo ohola ubufakazi uMahlape Sello uthi bayakuqinisekisa ukuthi yonke imininingwane yalabo abathula ubufakazi iyavikelwa.

“Sinawo amarekhodi aqhamuka kaMTN. Akukho lapho amarekhodi ezingxoxo zikaMentor ekhishwe khona anikwa abanye abantu, nguye kuphela owaziyo ukuthi lamarekhodi athini. ” kusho uSello.

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background