uMyeni uthi izinkinga abhekene nazo zidalwa ukuphumela obala ngenkohlakalo kwa SAA

Written by on 11 October, 2019

 

By: Zilungile Mkhize

Owayeyisikhulu esiphezulu kwa South African Airways, uDudu Myeni, uthi izinkinga eziningi abhekene nazo njengamanje nenkantolo zadalwa ukuthi waphumela obala ngenkohlakalo kwa SAA.

UMyeni usho kanjena ekhuluma ohlelweni lweGagasiFM Indaba.

uMyeni akazange avele enkantolo enkulu eGoli ukuyobhekana necala alivulelwe inhlangano iOuta kanye ne SAA Pilots Association, mayelana nobuholi bakhe kwa SAA.

Uthi ukuphumela kwakhe obala kwabeka amabhizinisi amaningi abamhlophe engcupheni nathi babedla kahle kulenkampani, kodwa ngendlela engekho emthethweni.

uMyeni uthi uboshelwe amanqina enyathi.

Listen here:

Uqhuba ngokuthi angeke athathe imali yakhe ayisebenzele kanzima iminyaka ehle enyuka ngayo eya ezinkantolo.

Listen here:


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background