Useboshiwe umfundi ogwaze uzakwabo

Written by on 9 October, 2019

By: Lindelani Mbatha

Amaphoyisa akulesifundazwe asebophe umfundi oneminyaka engu-15 ubudala ngezinsolo zokugwaza uzakwabo esikoleni iReunion, eSiphingo eningizimu yeTheku.

Lomfundi ogwaziwe njengamanje usesibhedlela, uthola usizo.

Kwenzeka lesisigameko nje iNingizimu Africa ibhekene nengqinamba yokuhlaselana kwabafundi, njengoba izolo eGoli kuboshwe omunye umfundi ogwaze uzakwabo emagcekeni esikole.

Oyisikhulumi samaphoyisa, uJay Naicker, uthi lomfundi ubekwe icala lokuzama ukubulala.

Listen here:


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background