uZikalala ugxeka ukugqilazwa kwabasebenzi

Written by on 19 February, 2019

By: Bongani Gina

Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi kulesfundazwe, uSihle Zikala, uthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ukugqilazwa nokuxhashazwa kwabasebenzi bezimboni kuyaphela.

UZikalala uhambele edolobheni laseNewcastle, enyakatho nesifundazwe, lapho ebehlola khona isimo sabasebenzi basezimbonini, emafactory nasezitolo zabokufika, abasebenza ngaphansi kwazo.

Uthi ekuhambeleni kwabo lezi-zindawo, bafice inqwaba yabantu, abanye abangokokufika, asebenziwe izigqila njengoba besetshenziswa ubusuku nemini kodwa bebe beholelwa cishe u-8cents ngomsebenzi abawenzayo.

“Kuyadabukisa ukuthi namuhlanje sibone ubugqila. Yenye into ukukhuluma ngokuxhashazwa kwamalungelo abantu nokubona ubugqila. Lokhu esikubonile ubugqila, kukhona la ubona khona ukuthi cha amalungelo omuntu uyaxhashazwa ngokubona umholo awuholayo uphansi kodwa ubugqila yila ubona khona lapho abantu bakithi belandwa kwamanye amazwe bezokwenziwa izigqila la eSouth Africa. Balandwa koSwaziland, eLesotho bazovalelwa bengaboni ngisho ilanga, bahlale eFactory ngaphakathi baphinde baholelwe imali encane. impilo yabo iphelele ngaphakathi, konke lokhu sizokulandelela,” kusho uZikalala.

Listen below:

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background