Ngabe Kwenziwa Okwanele Ukukhuthaza Abakuleli Ukuthi Bagome?

Written by on 28 September, 2021

By: Zilungile Mkhize

Usolwazi kwezempilo nongu Dokotela uMichael Mol, uthi uvalo nokungabi nolwazi olwanele mayelana nokungase kwenzeke uma umuntu eyogoma, yikona okwenza ukuthi lingabi likhulu isasasa
kubantu ngokugomela iCOVID-19.

U-Doketela uMol uthi kumele engabe uhulumeni wenyusa amasokisi emikhankasweni yokufundisa nokukhuthaza abantu ngokubaluleka kokugemela leligciwane.

Uthi seliyaphela ngisho nosuku umuntu engezwanga lutho olumkhuthaza ngalomgomo.

U-Mol uqhuba uthi abantu kumele bakuqonde ukuthi kuningi okuhle ongakuhlomula ngokugoma kunokubi okungase kwenzeke.

Uthi ikusasa lomhlaba wonke lincike ekutheni kunqotshwe leligciwane, ngakho umgomo ngenye yezindlela esezikhona.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background