Nganginganyamalele Ngezibhelu – Kaunda

Written by on 1 March, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Imeya yeTheku uMxolisi Kaunda ithi izidubedube zango-July ngonyaka owedlule zenzeka ebuthakathaka ngokwempilo.

U-Kaunda uthi yize kunjalo wenza lokho okwakusemandleni akhe, ethi wayeyalelwe ngabezempilo ukuthi aziqhelelanise nabantu njengoba kwakunezinsolo zokuthi une COVID-19.

Usho kanjena ephendula imibuzo yekhomishini yamalungelo abantu iHRC, nehlezi eGoli lapho iqhuba khona uphenyo mayelana nokwenzeka ngesikhathi izakhamuzi zivuka umbhejana zihlasela nezitolo eKZN nase Gauteng.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwashona abantu abangaphezu kuka-300 ngenxa yalokhu, iningi lashona ePhoenix ngesikhathi abaomdabu waseNdiya ababevikela izitolo zabo behlasela abantu abamnyama abangena kulendawo.

U-Kaunda uthi izindaba zalezidubedube lapha KwaZulu -Natal wazizwa kwabezindaba kanye nabezokuxhumana emkhandlwini weTheku, ababem’thumelela yonke inhlobo yemininingwane ngokwakuqhubeka.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background