Ngeke Isaphuma Emaphepheni Imiphumela ka-Matric

Written by on 11 January, 2022

By: Zilungile Mkhze

Umnyango wemfundo eyisisekelo uthi zizohluka izinto kulonyaka maqondana nemiphumela yabebefunda umatikuletsheni ngonyaka owedlule, njengoba ingeke isakhishwa imiphumela yabaphasile emaphephandabeni.

Lokhu kulandela ukuchitshiyelwa komthetho iProtection of Personal Information Act (POPIA) of 2013, ogunyaza ukufihlwa kwemininingwane yezakhamuzi zakuleli efana namagama kanjalo nezinombolo zomazisi zabafundi.

Imiphumela kulindeleke ukuba iphume ngoLwesihlanu lwangesonto elizayo ngomhlaka 21 kuJanuary.

Bese kuwusiko nenjwayelo ukuhlala kwabafundi bebambe umlindilo kuze kube phakathi namabili ebusuku belindele ukuthenga amaphephandaba emagaraji ngosuku olwandulela olokuphuma kwemiphumela ngenhloso yokuzibona emaphepheni.

Angeke kusenzeka lokho njengoba umnyango usubhalele abemthombo yezindaba ukubakhumbuza ukuthi iPOPIA  iqale ukusebenza ngokusemthethweni ngonyaka owedlule ngoJuly.

Lokhu kusho ukuthi abafundi abebebhala uMatric ngonyaka owedlule bazodinga ukuya ezikoleni nasezikhungweni abebefunda kuzona ukuyolanda imiphumela yabo, noma besebenzise uhlelo lokuthumelai-SMS ene ID number yomfundi kanye ne exam number ku 35658.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background