Ngeke Kuphazamiseke Ubufakazi KwelikaMeyiwa – Gerrie Nel
Written by Mfundo on 17 May, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Ummeli uGerrie Nel uthi ukushona komseshi uPhilani Ndlovu uthi ngeke kukuphazamise ukuqulwa kwecala lokubulawa kuka loyo owayengukapteni we-Bafana Bafana uSenzo Meyiwa.
UNdlovu ungomunye wabaseshi abafika kuqala endaweni yesgameko nokulapho kwadutshulwa kwabulawa khona uMeyiwa nokuyikhaya laloyo owayeyintombi yakhe uKelly Kumalo eVooslorus eGauteng ngo-2014.
Ekhuluma nezindaba ze Power uNel uthi uNdlovu ubengezukuba wufakazi kulelicala kodwa ubezokwethula istatimende.
UNdlovu esekuqubuke izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi ubulewe akuyena owokuqala ukuthinteka kulelicala ukushona isigubhukane.
Ummeli wabalisa abangu-4 abasolwa ukubulala uMeyiwa, uMalesela Teffo naye uthi uzizwa engaphephile njengoba ethi kukhona abamsongelayo.
uTeffo usebuya nases’tokisini kulandela ukuthi angenelwa amaphoyisa ephakathi enkantolo amgaxa ozankosi kubuka umhlaba wonke ngeso lezintatheli.
Yize kunjalo kodwa uNel uthi lelicala lisazoqhubeka.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.