Ngiyesaba! Ngiwelwa Izindlu – Isalukwazi

Written by on 17 April, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Njengoba imvula isaqhubeka nokuna, izakhamuzi ezidilikelwe imizi endaweni yaseBhobhonono eSmero eMgungundlovu zithi zihlalele ovalweni njengoba eminye yemizi isaqhubeka iwa.

Lezi zakhamuzi ezihlala ezindlini zodaka, nokumanje zigcwele amanzi, zithi zihleli ngokwesaba futhi azikwazi nokuphahleka izindlu zazo ngenxa yokuthi imvula iyana nokwenza kube nzima ukuxova udaka.

Izindaba ze-Gagasi FM zihambele izindawo zase Greater Edendale ezahlukene nalapho zithole ukuthi isimo sibi kakhulu ikakhulukazi kuleyo mindeni lapho kukhona ngisho izaguga.

U-Nompendulo Ngubane uyabika:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background