NGO’s: Awuqale ekhaya u16 Days of Activism

Written by on 22 November, 2019

Njengoba lelizwe kulindeleke ukuthi liqale umkhankaso we 16 Days of Activism, lapho kuqwashiswa khona ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, izinhlangano ezingenzi nzuzo sezinxuse abazali ukuthi baziqalise emakhaya izimfundiso ngalesihlava.

Umsunguli wenhlangano Incema Organisation eMaritzburg, uThenjiwe Ngcobo, uthi njengoba kuzoqala lemikhankaso nje bakhuthaza abazali ukuthi bafundise abantwana babo ikakhulukazi ababafana ukuphatha kahle abantu besifazane.

UNgcobo uthi isixazululo ngaloludaba lumele singalindelwa kuhulumeni nje kuphela.

Listen here:

https://iono.fm/e/780089

By: Nompendulo Ngubane


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background