Ohlinze Isthandwa Sakhe Uzovela Enkantolo

Written by on 8 February, 2021

By: Mthokozisi Manqele

Owesilisa waseNdumo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, osolwa ngokugwaza abulale owesifazane, kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseNgwavuma ngoLwesine, ezofaka isicelo sebheyili.

Lo msolwa u-Johannes Mathenjwa, ubekwe icala lokugwaza abulale obeyingoduso yakhe uNtombi Nhleko, okuthiwa wamgwaza wazeputshuka amathumbu ngaphandle.

UNhleko washonela esibhedlela sakhona eNgwavuma.

Ngokusho kwamaphoyisa aseNdumo, umsolwa waboshwa ephethe umese owawuconsa igazi, okukholakala ukuthi wasebenzisa wona ukubulala.

uMthokozisi Manqele uyabika,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background