Ohlulwe Ekubuyeleni Ekubeni Ikhansela Usolwa Ngokushisa Imizi

Written by on 17 November, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Lowo oyikhansela le-ANC eseliphumile esikhundleni sobuholi endaweni yase Maqongqo, ngaphandle kwaseMgungundlovu, uNhlanhla Zondo, useziphikile izinsolo zokuthi unesandla ekushisweni kwemizi emibili yezakhamuzi zale ndawo.

Lemizi yamalungu kaKhongolose ku-ward 1 ngaphansi kuka masipala uMkhambathini, ishiswe izinsuku zilandelana, emva kokhetho lohulumeni basekhaya.

Kanti lokhu sekwenze kwanezinsolo zokuthi uZondo unesandla kulesi sigameko emva kokwehlulwa kwakhe ngevoti ekumeleni i-ANC njengekhansela lalendawo.

U-Zondo uthi lesi sigameko asihlangene naye kanti unethemba lokuthi ingalo yomthetho izoqhamuka nezimpendulo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background