Oka-Ramaphosa Usebuyelile Emsebenzini

Written by on 31 August, 2021

By: Zilungile Mkhize

Oyisikhulumi sika Mengameli uCyril Ramaphosa, uKhusela Diko, nosekuphele izinyanga engekho emsebenzini, kubikwa ukuthi usebuyiselwe kulandela ukunikezwa isixwayiso.

U-Diko waya ekhefini eliyisipesheli ngonyaka odlule kulandela ukuvela ukuthi inkampani yomyeni wakhe yahlomula ngethenda lika R125-million emnyangweni wezempilo eGauteng.

Lelithenda elatholwa yinkampani yomnyeni kaDiko ngonyaka ophelile, kwakungelokusabalalisa ngama PPE, okuvikela ku COVID-19.

U-Diko uthi uyayemukela imiphumela yophenyo lwangaphakathi ehhovisi likaMengameli, nekubikwa ukuthi limunikeze nje isexwayiso.

Uthi liphinde lathola ukuthi wehluleka ukudalula izinkampani anobudlelwano nazo yize yena engenzi nzuzo kuzo kanjalo nalezo asula kuzo noma esezingasasebenzi.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background