Oklebe Bathi Bayaqhubeka Nophenyo Nge-Phala Phala

Written by on 23 August, 2022

By: Lindelani Mbatha

Oyinhloko yophiko oluphenyayo ubugebengu obuhleliwe amaHawks, uGodfrey Lebeya, uthi sebeqoqe izitatimende ezingaphezu kuka-40 ngodaba oluthinta iplazi likamengameli uCyril Ramaphosa, iPhala Phala.

Kuleliplazi uRamaphosa walahlekelwa yimali okusolakala ukuthi yayingaphezu kuka-$4 million eyantshotshwa ngabokufika baseNamibia ngo-2020.

Lokhu kwavezwa owayeyinhloko yezobunhloli kuleli, uArther Frazer, ngesikhathi evulela umengameli icala, lokuthula kwenzeka inkohlakalo eplazini lakhe.

Kulenkohlakalo uRamaphosa usolwa ngokuphula umthetho wokugcinwa kwemali endlini ikakhulukazi imali engeyona eyakuleli.

Ekhuluma nabezindaba, uLebeya uthi bazolulandela kuze kube sekugcineni loludaba, ngoba baphenya ngaphandle kokwenzelela.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background