Oklebe Bathi Wale Waphetha U-De Ruyter Ukuhlangana Nabo

Written by on 9 May, 2023

By: Lindelani Mbatha

Inhloko yoKlebe uGodfrey Libeya ithi bazamile ukuhlangana nalowo owayeyisikhulu esiphezulu kwaEskom uAndre De Ruyter, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

U-Libeya kanye namakomidi ahlukene ezomthetho avele phambi kwekomidi elibheke ukusebenza kwezimali ephalamende iScopa.

Phambilini uDe Ruyter wadalula ukuthi kunenqwaba yenkohlakalo kwaEskom kanye nokuthi usethola ukwesatshiswa.

Waphinde waveza nokuthi wambikela uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan ngaloludaba kodwa kwafana nokuthi uthela amanzi emhlane wedada.

ULibeya uthi into eyenziwa nguDe Ruyter ukubatshela nje ukuthi abaxoxisane nabameli bakhe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background