Okusha Ngecala lika-Zuma

Written by on 11 April, 2022

By: Lindelani Mbatha

Inhlangano iJacob Zuma foundation ithi owayengumengameli weze uJacob Zuma usejube abaphenyi abazimele ukuthi baphenye umshushisi wombuso uBilly Downer.

I-Jacob Zuma foundation ibithulela abezindaba umhlahlandlela ngecala uZuma abhekene nalo lokuthengwa kwezikhali.

U-Zuma kulindeleke ukuthi namhlanje avele enkantolo yamajaji eMgungundlovu, ngezinsolo zenkohlakalo kanye nokukhwabanisa.

U-Downer usolwa ngokukhiphela amaqembu ezepolitiki afana ne-DA, imininingwayo ethile kaZuma, eyayisezandleni ze-NPA.

Phambilini inkantolo eMgungundlovu yasichitha isicelo sikaZuma sokunxusa ukuthi ikhiphe umnyalelo wokuthi uDowner asuswe kulelicala.

Oyisikhulumi seJG Zuma foundation uMzwanele Manyi uthi sebethole abashushisi abazimele ngoba bayabona ukuthi kukhona ukwenzelela kulelicala.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background