Omele Abasebenzi be-ANC Uthi Akubekwe Phansi Amathuluzi

Written by on 21 January, 2022

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo wekomidi elimele abasebenzi be-ANC uMvusi Mdala uthi abasebenzi balenhlangano ababumbane balwe nokuhlukunyezwa kwabo.

U-Mdala ubekhuluma nabezindaba ngokungaholelwa kwabo izinyanga ezingaphezu kuka-5.

Iningi labasebenzi balenhlangano yilokhu lagcina ukuhola ngo-July kanti abanye sebedlelwe izimoto kanye nezindlu abahlala kuzo.

Ngonyaka owedlule labasebenzi bake bangenela isiteleka bekhala ngalenkinga ababhekene nayo. Kwaphinde futhi kwasabalala amahlebezi okuthi iANC isiqalile uhlelo lokuholela abasebenzi bayo kodwa lokhu abasebenzi bakuchaza njengamampunge.

U-Mdala uthi uma bebambisana bengayi emsebenzi i-ANC ngeke ikwazi ukubamba izinkomfa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background