Ongoti Bezempilo Bamukela Ukumiswa Kohlelo Lokugoma
Written by Mfundo on 14 April, 2021
By: Bright Ntuli
I-South African Health Products Regulatory Authority isinxuse abantu ukuthi bangakwesabi ukugomela ubhubhane iCOVID-19, njengoba ithi lokhu kungcono kunokubulawa yilesifo.
Lenhlangano ithi amathuba okuthi umuntu ojove ngalomgomo athole izifo eziwumphumela wokujova ngawo mancane kunalawo okubulawa yilesifo.
i SAHPRA isho kanjena kulandela ukuthi iNingizimu Africa imemezele ukuthi izoke ithi ukuzimisa izinhlelo zokugoma abantu bakuleli, ngemva kokuvela kwemibiko ethi umgomo iJohnson & Johnson uphazamisa ukuhamba kwegazi ngendlela efanele emzimbeni.
Nakuba ukuphazamiseka kokuhamba kwegazi kuyinto eyimvela kancane njengoba kusenzeke kubantu abangu 6 nje kuphela, futhi nakhona eMelika, kodwa ungqongqoshe wezempilo kuleli uZweli Mkhize usekumisile ukusabalaliswa kwawo njengoba ongoti besaqhubeka nophenyo.
Usihlalo walenhlangano uHelen Rees uthi ukuphepha kwempilo yabantu kubalulekile ngakho lesinqumo siyancomeka.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Kanti owenhlango ebhekele ucwaningo lwezempilo kuleli, iSA Medical Research Council, uGlenda Grey uthi basacubungula yonke imininingwane ephathelene nalomphumela ongajwayelekile.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.