Osomabhizinisi Bashayelwa Izandla Ngokulandela Imigomo Kathaqa

Written by on 2 July, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natal, uRavi Pillay, uthi ujabule ngendlela osomabhizinisi abaziphethe ngayo njengoba iNingizimu Africa ingaphansi kuka-Level 4.

U-Pillay ukhulume kanje ngesikhathi benongqongqoshe wezokuphepha, Peggy Nkonyeni, behlola ukuthi iyalandelwa yini imigomo yeLockdown emabhizinisini ase-Mhlanga, enyakatho yeTheku.

Lelizwe lenyuselwe ku-level 4 emvakokubonakala kukhula ngamandla kwesibalo sabantu abatholwa beneCOVID 19.

Emahoreni angu-24 adlule kubikwe abantu abangaphezu kuka-25 000 abahaqwe yileligciwane, kanti kudlule emdlabeni abangu-382.

uPillay uthi amabhizinisi azophula imigomo yokuvalwa kwezwe bazowavala, njengoba benzile kwamanye.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Kanti, uNkonyeni yena uthi bajabule ukuthi azikho izindawo zokudlela abasazihambele ezidayisa utshwala.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background