Osopolitiki Kulindeleke Ukuthi Badalule Uxhaso Lwezimali Abazitholayo
Written by Mduduzi Phungula on 21 September, 2022
By: Lindelani Mbatha
Ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi isinqumo senkantolo ngomthetho i-Executive Ethics Code asiluthinti uxhaso lukamengameli uCyril Ramaphosa lwango-2017.
Inkantolo yomthetho sisekelo iveze ukuthi umthetho obheka osopolitiki awuwenzi umqondo ngoba uvimbela ukuthi kube nobulungiswa futhi bangaphenduli uma kumele baveze labo ababaxhasa ngemali ukuze bazotelwe.
Lesisinqumo sivela nje umvikeli womphakathi wadlulisela phambili isinqumo sokuchithwa kwakhe ekutheni aphoqe umengameli ukuthi aveze labo abamnikeza imali yokukhankasela ukuba abengumengameli weANC imikhankaso eyaziwa nge-CR17.
Inkantolo ephakeme yaseGauteng, yamchitha umvikeli womphakathi yathi imali eyafakwa kumkhankaso wakhe ayihlomulisanga yena uqobo lwakhe.
ICon-Court inikeze iphalamende izinyanga ezingu-12 ukuthi lenze izinguquko kulomthetho.
UZikalala uthi manje labo abazongenela imibango yezikhundla eziphezulu kuzomele bachaze ukuthi ngobani labo abagixabeza ngama million okukhankasa.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.