Othisha Basazoqhubeka Bagonywe

Written by on 28 June, 2021

By: Zilungile Mkhize

UMnyango wezemfundo eyisisekelo uthi uhlelo lokugoma othisha lukazwelonke, luyaqhubeka nakulelisonto.

Uthi othisha mabaye ezikhungweni abayalelwe ukuba bayogoma kuzo ukuqinisekisa ukuthi makuvulwa izikole ngekota yesithathu yokufunda bonke bayobe begomile.

Izolo, uMengameli Ramaphosa umemezele ukuthi izikole zizovala kusuka ngolwesithathu mhlaka 30 June, zivalela amaholidi ekota yesibili.

Okhulumela umnyango wezemfundo, uElijah Mhlanga, uthi selokhu kuqale loluhlelo sekugonywe othisha abangaphezu kuka 185 000.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background