Othole Ithenda Lika-R176 Million Usebenzise u-R15m Kuphela

Written by on 10 September, 2021

By: Lindelani Mbatha

Uphiko oluphenya ubugebengu obuhleliwe, iSpecial investigating Unit, (SIU) ithi inkulu imali abathole ukuthi yayikhishelwe ukuthengwa kwama-PPE emnyangweni wezempilo, ebonakala ingena kusomabhizinisi uHamilton Ndlovu.

U-Ndlovu wabonakala okokuqala ngqa efake izimoto zakhe zikanokusho ezinkundleni zokuxhuma, nokwashiya imibuzo eminingi kubantu bakuleli.

Losomabhizinisi usolwa ngokuhlomula ngethenda ka-R176 million ngendlela engaqondakali, nokubonakala ukuthi wasebenzisa uR15 million kuphela ukutehenga amaPPE’s enye inxenye yemali ingene kubhange lakhe.

I-SIU iphinde yathola nokuthi uR32 million kuleyomali uthenge imizi emine kwasekuthi uR10 million wafakwa ku-Trust yommeli wakhe.

Oyisikhulumi se-SIU uKaizer Kganyago uthi unethemba lokuthi uphenyo lwabo luzoholela ekutheni ibuye yonke imali enikezwe uNdlovu kungafanele.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background