Owasinda Ngokulambisa ePhoenix Uthi Akasoze Alukhohlwa Lelolanga

Written by on 17 November, 2021

By: Pamella Majola

Ikhomishana elwela amalungelo abantu iSAHRC iyaqhubeka nophenyo lwayo ngezingameko zokubulawa kwabantu ePhoenix enyakatho yeTheku, nezenzeka ngenkati kunezibhelu zemitapo ngo July.

Omunye wofakazi osevele kulekhomishana uThulani Mseleku uthi ngesikhathi ezihambela kulendawo, wadlula iqulu labantu bomdabu wasendiya langamenza lutho.

Uthi nabanye besibili kanye nabesithathu ahlangana nabo emgaqweni abazange bathusane.

U-Mseleku uthi izinkinga zaqala ngenkathi esehlangabezana nequlu lesine, nelavele lavimba imoto yakhe labe selishaqa izikhiye zemoto, imali kanye nezibuko athi zambiza u3000 wamarandi.

U-Mseleku usetshele lekhomishana ukuthi wakwazi ukubaleka asindise impilo yakhe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background